Kushaqwe izidakamizwa ezingabiza u-R30m

2017-10-30 12:31

Durban – OKlebe namaphoyisa bavale indawo okusolwa ukuthi ingenkulu kakhulu kwesezike zatholakala kwezikhiqiza izidakamizwa zohlobo lwe-tik.

Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala kanti futhi amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi kungase kuboshwe nabanye.

Okhulumela oKlebe uCaptain Anelisa Feni ngoMsombuluko uthe le ndawo ivalwe ngemuva komsebenzi wabo obuholwa yi-Crime Intelligence ngeSonto e-East London.

Kushaqwe amakhemikhali okusolwa ukuthi abesetshenziselwa ukukhiqiza i-tik.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe ikhansela ngezinsolo zokutshala iziqhumane emzini welinye

Ngaphezu kwalokho kushaqwe nezidakamizwa ezingabiza u-R30m.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eEast London ngoMsombuluko.

UFeni uthe bekungokwesibili esikhathini esingangesonto kuvalwa indawo okukholakala ukuthi bekukhiqizelwa kuyona i-tik.

Umkhuzi wophiko olubhekene namacala abucayi obugebengu obuhleliwe esifundazweni, uBrigadier Gops Govender, uncome ukusebenzisana okuhle okukhona phakathi koKlebe neCrime Intelligence.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-33 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...