Kushaqeke umphakathi kutholakala isidumbu sowesifazane ensimini

2017-03-04 15:00

Bulawayo - Sishiye izakhamuzi  zase-Eastwood eMvurwi zishaqekile isigameko esenzeke izolo, kutholakal isidumbu sowesifazane singenaphenti.

Ofakazi basola ukuthi ukuthi uMadness Mapuriranwa wase-Eastwood, eMvurwi Mashonaland Central utholwe eshonile ensimini yombila ekhunyulwe iphenti.

"Sibone umufi embileni ngezithuba zabo-11:00 kodwa engasaligqokile phenti, kumanje siyazibuza ukuthi kwenzekeni.
 kusho umthombo.

OLUNYE UDABA:Isimanga abantu besifazane namantombazane bevuka 'bengasadilozile'

Umyeni womufi kubikwe ukuthi ubemlinde emsebenzini ukuthi amulethele ukudla.

Ngesikhathi umyeni esebona ukuthi ukudla kwakhe ekufiki ube esegoduka eyobheka ukuthi yini ebambezele inkosikazi yakhe esingumufi, washaqeka eseyifica isiyisidumbu.

Kubikelwe amaphoyisa, isidumbu sahanjiswa emakhazeni aseMvurwi lapho okulindwe khona ukuthi sihlolwe.

 - Bulawayo24


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...