Kushaqeke abebehambele umshado kuboshwa umkhwenyana eMtuba

2016-08-23 12:31

Durban – Usale ubambe ongezansi umphakathi waseMfekayi, eMtubatuba, ngesikhathi kuboshwa umkhwenyana phambi kwabebehambele lo mgcagco.

Ngokusho komthombo obukhona kwenzeka konke lokhu, kutheleke amaphoyisa kusajatshulwa abopha umkhwenyana ngezinsolo zokubulala intombazane “ebivalelwe” yindodana yakhe, kubika iSolezwe.

“Umkhwenyana ubematasa elungiselela umshado ngeSonto ezintatha ngesikhathi kutheleka umfana wakwamakhelwane ezofuna intombi yakhe okuthiwa ibivalelene endlini nendodana kamkhwenyana.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe umlingisi ngelokubulala unkosikazi wakhe

“Umkhwenyana ube esexabana nomfana wakamakhelwane, wangena endlini wayolanda isibhamu. Uthe uma esethi uyamdubula ngebhadi kwadubuleka intombi esiphundu.

“Ibe isishonela lapho,” kusho lo mthombo.

Kuthiwa umgcagco uqhubekile kwadingeka ukuthi umkhwenyana abanjelwe yisihlobo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile lesi sigameko, wathi imbangela yalokhu ibingakaziwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...