Kusetshenziswa abaqwayizi ukuduna abashayeli, kusho amaphoyisa

2017-02-16 07:30

Pretoria – Amaphoyisa axwayise abashayeli ukuba bangabameli abaqwayizi okusolwa ukuthi yibo ababahehela ezigebengwini ezibabamba inkunzi nokubaduna eSunnyside, ePitoli.

Kuvumbuka iqulu labasolwa ehlathini ngesikhathi umshayeli ema eceleni komgwaqo ekhuluma nomqwayizi, kusho uKaputeni Mavimbela ngoLwesithathu.

NgoLwesibili, indoda eyayihamba ngemoto yohlobo lwe-VW Golf 6R, yadunwa ngemuva kokuma ngoba ifuna ukuphendula iselula ekhoneni likaPark noLeyds Street, okuyindawo egcelwe abaqwayizi.

OLUNYE UDABA:Abaduni bathumbe owesifazane eGoli

Le ndoda ithathelwe amakhadi ayo asebhange neselula yase iphoqwa ukuba isho izinombolo zamakhadi ayo asebhange ngaphambi kokushiywa eMamelodi.

"Isikhathi esiningi izimoto zidunwa uma abashayeli besazibandakanya ocansini nabantu besifazane eceleni komgwaqo."

Abanye badunwa ngesikhathi besalinde abangani babo ngaphandle kwasemafulethini.

UBrigadier Ntshieng Kekana uthe ezinye izisulu zibanjwa inkunzi emafulethini akuLeyds Street uma beyofuna abaqwayizi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...