Kusathungathwa abahlasele badubula izelamani zaseMkhobosa

2018-03-17 12:37

eThekwini - Izelamani ezine zakwaMhlongo eMkhobosa, eSikhaleni zihlaselwe yiqulu lamadoda angaziwe ngoMgqibelo ebusuku, kubika iZululand Observer.

Kubikwa ukuthi abasolwa abebehlome ngezibhamu bavulele ngenhlamvu bebhekise kowezilisa oneminyaka engu-35 ubudala washonela endaweni yesigameko.

Abafowabo ababili balimale kabi kulesi sigameko. Oyedwa udutshulwe esiswini kanti omunye odutshulwe esifubeni, owesithathu yena udutshulwe esandleni.

OLUNYE UDABA:Angeniswe esibhedlela amadoda ashaywe wumphakathi

Kuthiwa lokhu kwenzeke ngezithuba zika-19h00 ngoMgqibelo odlule kanti laba abasindile baphuthunyiswe esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe kuvulwe amacala amathathu okuzama ukubulala kanye nelilodwa lokubulala emaphoyiseni aseSikhaleni.

"Imbangela yokuhlaselwa kwalaba bantu kayaziwa okwamanye kodwa uphenyo luyaqhubeka,"kusho uMbhele.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...