Kusathungathwa osolwa ngokubulala intombi, walaxaza isidumbu ethoyilethi

2017-09-11 13:59

Mpumalanga -  Usagcwele izinkalo owesilisa okusolakala ukuthi ubulale intombi yakhe ngocelemba ngempelasonto.

Kuthiwa lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi lezi zithandani zibe nengxabano evuthayo.

Isidumbu salo wesimame oneminyaka engu-42 ubudala sitholwe yindodana yalo mlisa ethoyilethi lomgodi isibuya kwamakhelwane lapho ilale khona.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iMpumalanga News ithi lo mfana ubone umnyango uvuliwe futhi kunegazi yonke indawo.

Ube esenona isidumbu sikamama wakhe silele phansi endlini encane, sinezimpukane kanye negazi ebusweni.

OLUNYE UDABA:Umsolwa nommangali bavule isifuba ‘ngokushaywa kuka-Cici ngu-Arthur’

Ngemuva kokubona konke lokhu, lo mfana waphuma wabaleka eyotshela umngani kamama wakhe nokunguyena owabikela amaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Ndubane ukuqinisekisile lokhu wathi kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa asazama ukuthungatha isoka likamufi.

“Amaphoyisa afike endaweni yesigameko athola owesimame eseshonile. Ngokwemibiko esiyitholile, lezi zithandani beziphuza ndawonye ngesikhathi ziqala ukuxabana,” kusho yena.

Amaphoyisa athole ucelemba ogcwele igazi phezu kombhede futhi kunegazi embhedeni. Kuthiwa nezimpahla ebezigqokwe yioka nazo ziikhona, kodwa lona kalibonwa ndawo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-27°C Numerous showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 14-22°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 12-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...