Kusathungathwa amabhubesi amahlanu abonakale eGoli

2017-09-11 12:31

Johannesburg - Amabhubesi amahlanu abonakale egcaluza endaweni engamakhilomitha angu-60 nentshonalanga nedolobha laseGoli.

Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa kanye nabezemvelo ngoMgqibelo ngesikhathi bethula umkhankaso wokuwathungatha.

Kuthiwa lawa mabhubesi abonakale endaweni yaseFochville nokuyilapho kugcwele khona amapulazi ezinkomo, kanye nemijondolo ngoba kuseduze namamayini.

Amaphoyisa athe athola ucingo ngoLwesihlanu kusukela kwelinye lamapulazi akule ndawo kukhalwa ngokuhlaselwa kwemfuyo.

"Uphenyo lwabonisa ukuthi kunamabhubesi amahlanu kuleli pulazi abezitika ngenkomo.,"kusho isitatimende samaphoyisa.

Akukacaci kahle ukuthi lawa mabhubesi aqhamuka kuphi ngoba azikho izindawo ezigcina izilwane eduze kwaseFochville.

OLUNYE UDABA:Awakatholakali amabhubesi amane eqe esiqiwini ngeSonto

Akujwayelekile ukuthi kubonakale amabhubesi ehamba endaweni yasedolobheni.

Ziningi izigameko zokweqa kwamabhubesi eziqiwini ezenzeke kulo nyaka eNingizimu Afrika kanti lokhu kwenza izakhamuzi zingakhululeki, ikakhulukazi labo abanemfuyo.





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...