Kusathungathwa abasindile isikebhe sithungeleka ngomlilo

2016-11-19 18:33

Johannesburg – Amathimba abatakuli amatasa azama ukuthola abasindile kulandela ukuthi isikebhe sobumnandi sithungeleke ngomlilo eHartbeespoort Dam, ngoMgqibelo.

Lokhu kuvezwe yilowo okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Pelonomi Makau etshela iNews24. 

"IHartbeespoort Emergency Rescue Unit isephansi phezulu ithungatha abasindile. Kungenzeka ukuthi kukhona abanye abantu abagxumele emanzini ngesikhathi isikebhe sisha,” esho.

UMakau uthe okwamanje bane abantu okuqinisekisiwe ukuthi bashonile.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kushone abane isikebhe sithungeleka ngomlilo

Abathathu bagwilizile kwathi oyedwa washa wangqongqa.

Iphephandaba lomphakathi iThe Kormorant libike ukuthi umuntu wesine ubevaleleke endlini yangasese, washa waze washona.

Kuthiwa bonke abashonile bangabantu besifazane.

Kuthiwa babalelwa ku-200 abantu abebekulesi sikebhe ngesikhathi kusuka isidumo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...