Kusathungathwa abadune imoto yohlobo lweMaserati eGoli

2017-03-26 09:00

Johannesburg – Amaphoyisa aseGauteng athungatha abasolwa abahlanu abathumbe izisebenzi ezimbili ezisebenzela inkampani edayisa izimoto zikanokusho.

Laba basolwa bathumbe lezi zisebenzi baduna nezimoto abebehamba ngazo zohlobo lweMaserati endaweni yaseBryanston ngoMgqibelo ekuseni.

OLUNYE UDABA:OwePirates angase alahlekelwe imoto yakhe yakanokusho

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubela uthi laba basebenzi abaqashwe njengabashayeli kule nkampani bebesendleleni beyofaka uphethiloli ezimotweni ngesikhathi behlaselwa abasolwa behlomile.

Laba bashayeli balaxazwe endaweni yaseBassonia eningizimu nedolobha laseGoli bengalimele

Abasolwa kuthiwa bebehamba ngemoto yohlobo lwe-Audi SR3 kanti badune imoto yohlobo lweMaserati Levante emhlophe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...