Kusaqhubeka ukuthungathwa komuke olwandle

2016-10-02 18:31

Herolds Bay – Iphoyisa ebelisaqeqeshwa eligugulwe wulwandle lihleli emadwaleni e-Oubaai Golf Resort ngaseHerolds Bay kukholakala ukuthi liminzile.

Amaphoyisa asemanzini ngeSonto aqalise ukuthungatha owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala ogcine ukubonakala emini ngoMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Malcolm Pojie uthe isidumbu besingakatholakali.

Funda nalolu daba: Asisoze sayamukela imali kubelungu  - Malema

Isikhulu sophiko lweNational Sea Rescue Institute eWilderness, uRobert van Heldsingen, uthe abe-Oudtshoorn Police Academy bacele usizo kanti abatshuzi nezimoto zabo kanye nabezimoto eziphuthumayo kuhulumeni, nabe-ER24 kanye nendiza yeSkymed Rescue basendaweni yesigameko.

Kukholakala ukuthi abesilisa bebehleli emadwaleni olwandle ngesikhathi oyedwa egugulwa yigagasi.

Amaphoyisa ayaqhubeka nokuthungatha.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...