Kusaphenywa ngokubulawa kowesilisa esetekisini eStanger

2018-03-13 14:02

eStanger - Amaphoyisa aKwaDukuza athungatha umsolwa odubule umuntu esetekisini ngoMgqibelo ekuseni.

Ngokusho kukaCaptain Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa, uthe lo mlisa, 67, ubehamba ngetekisi emgwaqeni u-R74 iyongena eStanger ekuseni ngabo-09:00.

"Lo mlisa uhlaselwe phambi kwabanye abagibeli edutshulwa ngomunye obehleli emuva kwakhe," kusho uGwala.

OLUNYE UDABA: Ayavela enkantolo amalungu ebandla lezimanga iSeven Angels Ministries

Ngemuva kokudutshulwa kwalo mlisa kuphazamiseke umshayeli wetekisi wacishe washayisana nemoto yohlobo lwePolo esiliva ngombala.

Le moto encane ime eceleni kwetekisi yathatha umsolwa ngaphambi kokuba ibaleke.

Ugwala utshele abeNorth Coast Courier ukuthi imbangela yokuhlaselwa kwalo mlisa kayaziwa okwamanje kodwa amaphoyisa aKwaDukuza asaqhuba uphenyo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...