Kusale dengwane inqwaba kusha imijondolo engu-107

2017-10-30 09:30

Johannesburg - Kushone umuntu oyedwa kwasala dengwane inqwaba yabantu ngemuva kokusha kwemijondolo engu-107 eSalvokop, ePitoli.

Kubikwa ukuthi leli langabi liqale ngemuva kwengxabano ebiphakathi kwezakhamuzi.

Izakhamuzi ezithintekile seziqalile ukwakha kamusha imizi yazo kulandela ilangabi ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA:Kushe imijondolo engaphezu kwengu-60

Ngokusho kwabo, umlilo uqale ngemuva kwengxabano ebiphakathi kwezakhamuzi, kwaholela ekutheni kushone uJacob Mosopa.

UMantwa Makhothi uthe: "Engikubonile kuyesabisa. Loya mlilo ubumubi futhi umkhulu kakhulu."

Kuvulwe idokodo necala lokushisa esiteshini samaphoyisa asePitoli, kusho uCaptain Augustinah Selepe.

"Okwamanje asikazi noma umufi ubulewe yini."

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...