Kuqulwa elamalungu eNFP asolwa ngokubulala elinye ilungu

2016-05-17 07:44

Pietermaritzburg - Kuqulwa icala lamalungu amathathu eqembu lezepolitiki iNational Freedom Party eNkantolo eNkulu yasePietermaritzburg ngezinsolo zokubulala elinye ilungu le-NFP elifuna isikhundla esiphezulu eqenjini nelinye ilungu.

UMkhonzeni Ntuli, 40, uMlindeli Mchunu, 36, noFelamandla Mkhize, 59, bawaphikile amacala amabili okubulala, elokwakha uzungu nelokuzama ukubulala.

OLUNYE UDAB: Kudutshulwe kwabulawa ikhansela le-ANC eKZN

Bobathathu basolwa ngokubulala uBongani Tshelembe uSihlalo wabavoti kwisiFunda saseMzinyathi(eDundee)  noLungisile Zuma nokuzama ukubulala uNtethelelo Mbatha.

Kusolwa ukuthi baqasha inkabi besebenzisana noSikhona Sithole okunguye owakhipha isibhamu i-AK-47 eyasetshenziselwa ukugila lo mkhuba. Njengamanje usengufakazi wombuso uSithole.

UTshelembe, uZuma noMbatha babulawa bebuya emhlanganweni wendawo we-NFP ngoMeyi 2012.

UZuma wadutshulwa amahlandla amathathu wasinda.

Ukuqulwa klwecala kuyaqhubeka kanti kulindeleke ukuba kuqhubeke amasonto amabili.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...