Kuqulwa elababulala owesifazane bethi bakhipha amadimoni

2016-10-10 13:30

Germany - Kuqulwa icala lamalungu amahlanu omndeni waseSouth Korea eFrankfurt ngoMsombuluko ngezinsolo zokubulala owesifazane egumbini elisehhotela ngesikhathi 'bemukhipha amadimoni'.

Kubasolwa kubalwa nendodana yesisulu, 41, eneminyaka engu-16 ubudala.

OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi ubekhishwa amadimoni otholwe eseyisidumbu

Babekholwa wukuthi ukhungethwe ngamadimoni, bamubophela embhedeni, bamuvala umlomo base beqala bemubhaxabula kanzima amahora amabili, kusho abashushisi.

Kuvele owesifazane oneminyaka engu-44 ubudala ongudadewabo wesisulu, yindodana yakhe eneminyaka engu-21, yindodakazi yakhe eneminyaka engu-19 ubudala nelinye ibhungu elineminyaka engu-15 ubudala enkantolo.

Abashushisi bathi lo wesifazane wavele wakhuluma yedwa, wathetha ngaphandle kwesizathu ngesikhathi besehhotela ngoDisemba 2015, okwenza ukuthi abasolwa bazame ukumkhipha amadimoni.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...