Kuqubuke udlame izakhamuzi zibhikishela olwezindlu

2017-08-21 12:31

Durban - Izakhamuzi zithi kulimale inqwaba yabantu ngemuva kokuba amaphoyisa esebenzise i-teargas namanzi ukuhlakaza iqulu ebelibhikisha.

Kuvalwe umgwaqo uMilky Way Road.

Ilungu lomphakathi uRoxanna Pennington uthi kulimale abantu abaningi.

"Amaphoyisa avulele ngenhlamvu ebhekise kuthina, asebenzise izinhlamvu zenjoloba, abantu abaningi balimale kanzima, banamanxeba avulekile. Kugcwele i-teargas emphakathini wonke. 

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa ayaphenya ngengane 'ebulawe yi-teargas'

Okhulumela amaphoyisa uThulani Zwane uthe amaphoyisa kudingeke kuba angenelele ngesikhathi iqulu labantu libanodlame.

"Abantu ababalelwa kwabangu-1 000 bavele banodlame amaphoyisa kwadingeka ukuthi asebenzise i-teargas namanzi ukubahlakaza."


Kukholakala ukuthi amalungu omphakathi avuke umbhejezana ngodaba lwezindlu.


- Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...