Kuqubuke impi phakathi kwentombi nomama wesoka kubangwa ifa

2016-06-21 12:30

UHendek Modimokwane, 35, ushone ngenyanga kaMbasa kanti ngeshwa akayishiyanga incwadi yefa, kubika iDailysun.

Ilokhu kanye okuqubule impi phakathi kwentombi yakhe kanye nomama wakhe njengoba sekubangwa imoto yakhe yohlobo lwe- VW Golf 7.

UPatricia Radebe, 60, uthi wayemthatha njengendodakazi yakhe uNokuthula Nhlapo, 32, kodwa konke lokho sekushintshile.

OLUNYE UDABA:Kutholakale isidumbu sesoka sesinethiwe kodwa intombi ikamakhelwane

“Ngangimnakekela, ngimuphekela futhi ehlala name endlini yami ngaphandle kokukhokha intela iminyaka engu-14 yonke. Base beqalile ukukhuluma ngokushada futhi kuyimina engikhokha ilobolo lakhe,”kusho yena.

Uthi ngemuva kokushona kukaHendriek inkampani ayeyisebenzela yamnika imali enye yanikezwa uNokuthula ongumama wezingane zakhe ezimbili, kodwa kwangakhulunywa lutho ngemoto yakhe.

“Ngimangale esefika namanye amadoda ezothatha imoto yendodana yami. Ungitshele ukuthi nguyena okumele athole imoto ngoba wayeshade nendodana yami ngokosiko. Ukwenza kanjani lokhu ingekho encwadi yomshado,”kusho yena.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Scattered showers. Clearing skies. Cool. Pta: 13-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...