Kuqiniswe ezokuphepha kumajaji akuleli kulandela esokwebiwa kwamakhompyutha

2017-03-19 17:32

Johannebsurg - Kuqiniswe ezokuphepha kumajaji akuleli kulandela ukwebiwa kwemininingwane ebalulekile esigamekweni sokugqekezwa kwehhovisi likaChief Justice eMidrand ngoMgqibelo.

Izigilamkhuba zebe amakhompyutha angu-15 ehhovisi le-Human Resource aneminingwane ebalulekile yamajaji akuleli, kubalwa nalapho ahlala khona.

Khonamanjelo, iJaji laseGauteng uRamarumo Monama ubanjwe inkunzi ekhonjwe negsibhamu ngemuva kwamahora ambalwa kwebiwe amakhomyutha.

OLUNYE UDABA: I-ANC igxeka ukugqekezwa kwamahhovisi eNhloko yamaJaji

Amaphoyisa aseqalise uphenyo ngesigameko sokuphanga.

Okhulumela ihhovisi likaChief Justice, uNathi Mncube uthe, ukusebenza kwezinkantolo angeke kuphazamiseke kdwa wagcizelela ekutheni amakhopyutha ebuwe aqukethe imininingwaneebaluleke kakhulu.

UChief Justice Mogoeng Mogoeng uzwkalise ukukhathazeka kwakhe ngokwebiwa kwala makhomputha.

Ucele ama[phoyisa ukuba aqinisekise ukuthi lezi zigilamhkuba ziyaboshwa.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...