Kuqinisekiswe ukuphekwa ngemubuzo kukamama wengane ejikijelwe uyise ephezu komjondolo

2018-04-14 10:08

Johannesburg - Umama wengane ejikijelwe phansi uyise ephezu komjondolo ufakwe esitokisini izolo (ngoLwesihlanu).

Lo mama udedelwe ngemuva kokuba amaphoyisa esekuqinisekisile ukuthi uphekwe ngemibuzo, kusho okhulumela amaphoyisa aseButterwoprth u-Andre Beetge eqinisekisa emsakazweni iJacaranda FM.

Sekungenelele abezenhlalakahle kulolu daba kulandela lesi sehlakalo esishaqisayo esenzeke ngoLwesine eJoe Slovo kuMasipala waseNelson Mandela Bay.

OLUNYE UDABA:Ugcinwe esitokisini ubaba ojikikele phansi ingane ephezu komjondolo

Kuphinde kwangenelela namaphiyisa ophiko iMotherwell Cluster Family Violence Child Protection and Sexual offices njengoba kuzoba yiwo azobhekelela impilo yale ngane.

Kuqinisekiswe ukuthi ingane iphephile nokuthi ubaba wayo uboshelwe icala lokuzama ukubulala.

Le ndoda, 38, kulindeleke ukuba ivele ngoMsombuluko enkantolo.

Ingane isibuyiselwe kumama wayo oneminyaka engu-35 ubudala, lokhu kungokusho kukaBeetge.

Lo baba wenze lokhu ngoba engafuni kudilizwe umjondolo wakhe.

Izimpendulo zesenzo salo baba kulindeleke ukuba zizwakale ngoMsombuluko enkantolo esevela.

 - twitter:

 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...