Kuqinisekiswe ukuboshwa kwabangu-50 embhikishweni oseGoli

2017-05-09 19:28

Johannebsurg - UKhomishana wamaPhoyisa aseGauteng uDeliwe de Lange useqinisekise ukuboshwa kwabantu abangu-50 e-Eldorado Park lapho obekutatshwa khona impahla ezitolo ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wezindlu.

Uphinde wafunga ngokuthi kusazoboshwa enye inqwaba yabantu njengoba lo mbhikisho onodlame usukapakele nase-Ennerdale.

UDe Lange ubese-Ennerdale lapho izakhamuzi zakhona zikhala ngemizi.

OLUNYE UDABA: BUKA: Ababhikishi beketula amaveni amaphoyisa eRichards Bay

Kuvalwe imigwaqo eminingi ngamathayi avuthayo nangamamtshe, amaphoyisa asebenzisa izinhlamvu zenjoloba nama-stun grenades ukuhlakaza ababhikishi.

UDe Lange uphinde wathembisa ukuthi uzoyithola impahla kanye nemali eyebiwe yizakhamuzi zase-Eldorado Park ngesikhathi kuhlaselwa izitolo ngoMsombuluko.

"Kulabo abatape impahla ezitolo; Ubugebengu obucacile nje lobo esingeke sibuvumele. Sizobhekana nalesi simo."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-30°C High level clouds. Warm. PE: 13-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...