Kuqinisekisiwe ukubulawa kowesilisa wakuleli eSyria

2017-02-15 09:30

Johannesburg - Kukholakala ukuthi kubulewe owesilisa, 22, waseThekwini ezweni laseSyria elikhungethwe yizimpi.

Lokhu kuvezwe u-Yusuf Abramjee ongumsunguli we-Operation SA ngoLwesibili ebusuku.

"Ngikhulume namalungu omndeni kamufi nokuyiwona aqinisekise ukubulawa kwalo wesilisa. Ngokusho komndeni, sengathi lo mlisa ubulawelwe ngaseDamascus," kusho u-Abramjee.

Lo mlisa uqhubeke wathi umndeni kamufi uhlela ukukhipha isitatimende ngaphambi kokuba kuphele leli sonto.

OLUNYE UDABA:Kubulewe umshayeli ngokusebenzisa imali yetekisi

Akukacaci kahle ukuthi umufi ubenzani kuleliya lizwe kodwa kuthiwa wayehambe nomfowabo futhi sekunesikhathi ahamba.

Okhulumela uMnyango wezokuHola ngokuBambisana kwamazwe ngamazwe nanye nokusebenza ngokuBambisana, uClayson Monyela, uthe ubengakezwa ngamuntu wakuleli obulawe kwelaseSyria.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...