Kuqagulwa okunye ukwenyuka kukaphethiloli ngoMeyi

2018-04-16 18:00

Cape Town - Kulindeleke ukuthi kuzwele kubashayeli ukwenyuka kukaphethiloli okungase kwenzeke ngasekupheleni kuka-Ephreli, kusho i-Automobile Association (AA), iphawula ngezibalo ezingaqinisekiswanga ezidedelwe yiCentral Energy Fund.

I-AA ithe: "Amanani kaphethiloli abezinzile ngeviki lokuqala lika-Ephreli, ase eyanyuka kakhulu kulandela izinxushunxushu eziqhubeka eSyria. IMiddle East isondelene kakhulu nezindawo ezihamba phambili ngokukhiqiza uwoyela emhlabeni, kanti amanani kaphethiloli athikamezeka kakhulu uma lungekho uzinzo kulesi sifunda."

Irandi futhi nalo belintenga uma liqhathaniswa neDollar laseMelika ngengxenye yokuqala ka-Ephreli, kepha i-AA ithi ukwenyuka kwamanani kawoyela emhlabeni kungenxa yalezi zizathu ezibalwe ngenhla.

OLUNYE UDABA: 'Uzomba eqolo uphethiloli ngo-Ephreli' - AA

"Izibalo ezikhona njengamanje zitshengisa ukuthi uphethiloli ungase unyuke ngo-41 cents ilitha, udizili wona unyuke ngo-48 cents ilitha kuthi uphalafini unyuke ngo-38 cents ilitha," kusho i-AA.

Ukuqagulwa kokunyuka kukaphethiloli kukaMeyi kuza ngemuva kokuthi ubunyuke ngo-72 cents ilitha ngo-Ephreli, kanti uma kuphumelela kusho ukuthi uphethiloli uzokwenyuka ngemali engaphezu kuka-R1 esikhathini esiyizinyanga ezimbili.

I-AA ithi udlame oluqhubeka eMiddle East lunomthelela omkhulu ekunyukeni kwamanani kaphethiloli.

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...