Kuphume isidumbu kubangwa isihlanu

2017-02-25 14:57

Durban – Kubikwa ukuthi kuphume isidumbu ngesikhathi abafana ababili abaneminyaka engu-17 ubudala baseHumansdorp, e-Eastern Cape, behilizisana kulandela ingxabano esuswe yisihlanu (50c).

Kubikwa ukuthi uDarryl Prins nguye ogadle kuqala kulo omunye umfana, kanti uzovele agwazwe esifubeni wase ephelela endaweni yesigameko.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Gerda Swart utshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi umsolwa ube esekhalelwa amasongo kaSigonyela kulandela lesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kuphume isidumbu 'kuphakanyiswa inombolo' ejele

“Lesi sehlakalo senzeke ngabo-15:00 eMountainview, eKareedouw. Kusolakala ukuthi la bafana bebexabana bebanga isihlanu.

“Omunye ube eseshaya kuqala, kanti lo oshayiwe uzohosha ummese abhokode ngawo umufi esifubeni. Ube eseshonela endaweni yesigameko.”

Umsolwa zibe seziyamkhalela wabe esevela enkantolo ngoMsombuluko.

“Uzogqunywa esitokisini kuze kube uphindela enkantolo ngomhlaka-2 Mashi,” esho.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-22°C Showers early. More clouds than sun. Mild. PE: 12-20°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...