Kuphume isidumbu kubangwa intombi

2016-09-06 12:31

Johannesburg - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-19 ubudala ngecala lokubulala kulandela ukulwa nendoda eneminyaka engu-17 ubudala ayigwaze yashona ngeSonto, ngomhlaka-4 Seopthemba.

Kusolwa ukuthio laba bobabili bebelwela intombi.

Isigameko senzeke e-Esselen Park ngezithuba zabo-14:30.

OLUNYE UDABA:Uthole udilikajele owabulala omunye kubangwa iPlaystation

Ngokusho kweNorkem Park SAPS nebamba laseKurshuleni North Cluster  uCaptain Lesibana Molokomme, udadewabo kamufi uthe umfowabo nomsolwa bebebanga intombi.

"Oyedwa wabo ukhiphe ummese wagwaza umfowabo kammangali. Ummangali uzame ukubalamula kodwa baqhubeka balwa ummangali waze wamisa indoda ebidlula ecela usizo kuyo," kuchaza uMolokomme.

"Le ndoda ikwazile ukubahlukanisa yabafaka emotweni yayo, yabahambisa esiteshini samaphoyisa aseTembisa. Ngesikhathi kufikwa umfowabo kammangali uhlonzwe njengoshonile ngabosizo lokuqala umsolwa wahanjiswa esibhedlela ngaphambi kokuboshwa," kuqhuba uMolokomme.

Umufi ngowase-Eastern Cape, kubika iKempton Express.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-18°C Broken clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...