Kuphume isidumbu kubangwa intombi

2016-06-17 13:32

Cape Town – Owesilisa ugwazwe washona ngesikhathi kuliwa kubangwa intombi kuCentane, kusho amaphoyiska ase-Eastern Cape.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngesikhathi kunomcimbi wesintu ngoLwesine, kubika i-Eyewitness News.

Umsolwa kubikwa ukuthi udle phansi ngemuva kwalesi senzo kanti kuze kube yimanje usagcwele amathafa.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe womabili amadoda akade elwa abethandana nentombi eyodwa.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owabulala imbangi kubangwa intombi

“Umsolwa ube esehosha ummese wagwaza imbangi yakhe yashona. Kumanje usagcwele amathafa.”

Kwesinye isigameko ngo-Ephreli nonyaka kwagwazwa umfana wesikole owayelwela intombi yakhe, eKapa.

UKeano “Chucky” Johnson, 14, washona ngemuva kwamasonto amabili ehlaselwe abalisa abane abamshaya walala esibhedlela.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C Sunny. Mild. Pta: 6-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C Drizzle. Morning clouds. Cool. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...