Kuphume isidumbu emshadweni izihambeli zibanga ukucula

2017-05-25 18:01

Vietnam - Uphele kabi umshado izihambeli sezilwa zibanga ukucula, kwagwazeka obethi uzama ukulamula.

ULe Hong An, 35, ubezama ukulamula abalwayo kulo mshado ngesikhathi egwazwa amanxeba ambalwa.

Le mpi iqale sakudlala ngesikhathi izihambeli zomshado zigconana kuculwa emshadweni. Oyedwa udonse umbhombho wokucula nokulapho iqine khona ingxabano.

Ngokubika kwe-VNExpress ngoLwesine, lo mlisa odonse umbhobho komunye uyena okhiphe ummese wasabisa lo omunye.

OLUNYE UDABA:Kushone 24 kuwa udonga emshadweni

ULe Hong An ulimale kabi ngimuva kokugwazwa. Uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho afike ashonela khona.

Okhulumela amaphoyisa uSenior Lieutenant Colonel Truong Van Sau, utshele abezindaba ukuthi umsolwa uboshiwe futhi ubhekene namacala okubulala nelokuzama ukubulala.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...