Kuphume imiphefumulo kushayisana imoto neloli eMpumalanga

2017-11-18 09:00

Johannesburg - Kushone abantu abane kwalimala abahlanu ngoLwesihlanu ngesikhathi kushayisana imoto ne-ambulensi emgwaqeni uN17 eMpumalanga, kusho abosizo lokuqala.

Okhulumela i-ER24 u-Ineke van Huyssteen uthe i-ambulensi ebandakanyeke engozini ayaziwa inkampani eyisebenzelayo.

Uthe abosizo lokuqala bafike endaweni yesigameko ngezithuba zabo-4:35 bathola abantu abangu-6 endaweni yesigameko, abathathu kubo bebengatshengisi izimpawu zokuphila.

OLUNYE UDABA:Ingozi yemoto ishiye kuvalwe ngehlahla emndenini e-KZN

"Omunye walabo abasesimeni esibucayi yintombazane esencane okukholakala ukuthi ineminyaka engu-3 ubudala.

"Abe-ER24, baphuthumisa le ngane esibhedlela kodwa ngeshwa kwayenele khone esibhedlela ngemuva kwesikhashana.

"Abanye abalimale kule ngozi bona baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene beyolashwa."

Uthe imbangela yesigameko ayikaziwa kodwa iziphathimandla bezisendaweni yesigameko ziphenya.


 - African News Agency

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...