Kuphume imiphefumulo engozini yamatekisi neloli eThekwini

2018-03-19 11:17

Durban - Kubulawe abantu abahlanu emgwaqeni omkhulu eThekwini ngemuva kokushayisa kwamatekisi amabili neloli kuNandi Drive ngoMsombuluko ekuseni.

UGarrith Jamieson weRescue Care, uthe abosizo lokuqala abaphuthume endaweni yesigameko, ngesikhathi befika bafice inqwaba yabantu isabhajwe ezimotweni.

OLUNYE UDABA:Kushone 9 kwalimala 10 wabantu engozini ebandakanya itekisi e-KZN

"Kushayisane amatekisi amabili neloli kwashona abantu abane kwalimala kanzima inqwaba. Kuphuthume abezimo eziphuthumayo abahlukene ukuyosiza abalimele ngaphambi kokubaphuthumisa ezibhedlela ezahlukene zaseThekwini," kusho uJamieson.

Uthe bekungahambeki ezimpambanweni zomgwaqo, bekunzima kubashayeli bezomoto emgwaqeni, kungahambeki, abanye batshelwe ukuba basebenzise ezinye izindlela zokuhamba.

UJamieson uthe kufike nendiza enophephela emhlane ukuphuthumisa labo abalimele kakhulu esibhedlela.

Umuntu wesihlanu ushone ujuqu endaweni yesigameko.

Lolu wudaba oluqhubekayo.


 - Twitter:

- Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...