Kuphume isitimela kujantshi eBenoni

2018-01-23 14:00

Johannesburg  - Esinye isitimela sesiphume kujantshi ngaphandle kwesiteshi sesitimela eBenoni eGauteng ngoLwesibili ekuseni, kusho okhulumela abakwaMetrorail uLilian Mofokeng.

Lesi sitimela siphume kujantshi ngezithuba zabo-07:40, kusho uMofokeng etshela iNews24.

"Ngingakuqinisekisa ukuthi isitimela ebesisuka eGoli sibheke eSprings siphume kujantshi ngaphandle kwaseBenoni," usho njalo eqhuba.

Uthe ithimba longoti belisendaweni yeisgameko liyolungisa ikinga.

"Njengamanje, zikhona izitimela ezisebenzayo phakathi kwaseSprings naseBenoni kanti namabhasi akhishiwe phakathi kwaseBenoni naseDunswart," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Basindile abagibeli isitimela siphuma kujantshi ngaseGermiston

Uthe izitimela ezisuka eGoli zijika eDunswart.

"Siyathemba ukuthi ujantshi uzobe usulungile namuhla ntambama ngesikhathi sebhizi. AbakwaMetrorail baphenya imbangela yokuphuma kujantshi kwesitimela."

Azikho izigameko zokulimala kwabantu ezibikiwe.

NgoLwesithathu olwedlule kwaphuma esinye isityimela kujantshi phakathi kwasePitoli naseGermiston eGauteng.

Lesi sigameko senzeka ngemuva kwezinsuku ezingu-8 kushayisene izitimela eGeldenhuys, eGermiston lapho okwalimala khona abagibeli abangu-200.

Ngomhlaka-4 Januwari, isngozi yesitimela yadlula nemiphefumulo engu-21 eKroonstad.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...