Kuphoqeleke ukuba abuye ngokushesha uRamaphosa ngenxa yombhikisho eMahikeng

2018-04-20 09:34

Johannesburg - UMengameli Cyril Ramaphosa kudingeke abuyele kuleli ngoLwesihlanu ekuseni ohambeni lwase-United Kingdom ngenxa yombhikisho oqhubekayo eMahikeng eNorth West.

Uzohlangana nabaholi be-ANC eMahikeng ukudingida ngokungenziwa ukuxazulula isimo.

URamaphosa uzobe ehambisana noNobhala Jikelele we-ANC u-Ace Magashule, yiphini likanobhala uJessie Duarte kanye namanye amalungu esigungu esiphezulu se-ANC.

OLUNYE UDABA: 'Ngeke ngiqophisane noMalema'

UMengameli ubethamele iCommonwealth Heads of Government Meeting eLondon.

Amaphoyisa eNorth West abephume ngobuningi ngoLwesine ebusuku ngenhloso yokuzama ukudala ukuthula endaweni.

Abanye bababhikishi bangene ezitolo bazitapela impahla.

Yonke imigwaqo eya edolobheni ibivaliwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...