Kuphinde kwashiswa izindlu kubangwa ezomxhaso eMlazi

2017-10-12 14:09

Durban - Umbango wezindlu zomxhaso kuward 79 eMlazi esigcemeni sakwa-H usudale umonakalo omkhulu kulandela ukushiswa kwezindlu ezimbili namathoyilethi amabili angomahambanendlwana.

Lesi sigameko senzeke ngoMsombuluko ebusuku, ilangabi libhulwe ngabezicishamlilo.

Ukushiswa kwezindlu kuqale ngoLwesithathu olwedlule ebusuku, kuqale kwashiswa indlu eyodwa njengoba sekulandela lezi zombili namathoyilethi.

OLUNYE UDABA:Kutshalwe amaphoyisa kulandela umbhikisho wezindlu eGoli

Le nkinga yokungaboni ngaso linye kwamalungu omphakathi akule ndawo nabomkhandlu weTheku wezindlu udalwe ukufakwa kwabantu abasha ezindlini ezintsha.

Ámalungu omphakathi akhala ngokungalandelwa kwemigudu efanele.

Kubanjwe umhlangano omncane obuphakathi kwesakhamuzi uSphiwe Radebe, uSthenjwa Nyawose oyikhansela noMondli Mthembu onguSihlalo wezezindlu kulo mkhandlu weTheku.

Kulandela lo mhlangano, laba bathembise ukubuyela kumalungu omphakathi nesixazululo.

Ngokusho kukaRadebe, oyisakhamuzi, ikhansela uNyawose nosihlalo wezezindlu kuMkhandlu weTheku, uMthembu, babambe umhlangano omncane, bathembisa ukubuyela kubona nesixazululo. 

Thola udaba oluphelele kwi-EYETHU News.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...