Kuphinde kwabulawa omunye 'umlimi'

2017-10-30 19:32

Durban – Ikhehla elineminyaka engu-73 ubudala libulewe epulazini eliseVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natal nakuba kuqhubeka umbhikisho we-#BlackMonday ezweni lonkana.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala utshele iNews24 ukuthi nomsolwa ushonile ngemuva kokuba eshayise imoto eyebile esigxotsheni sikagesi.

U-Ian Cameron we-AfriForum utshele iNews24 ukuthi isisulu besingumlimi, kodwa uGwala uyakuphika lokho. 

“Umufi ubengeyena umlimi kanti isigameko asihlobene nokubulawa kwabalimi,” kusho uGwala. 

UGwala uthi isisulu besimatasa sakha ihhoko lezinkukhu endaweni yaKwaDikadika, epulazini laseGelukstad, ngabo-10:00 ekuseni ngoMsombuluko ngesikhathi sihlaselwa ngommese.

OLUNYE UDABA: I-SACP izongenela ukhetho lokuchibiyela eFree State

Kuthiwa umsolwa ubanjwe ngumufi ezama ukweba imoto yakhe ngaphambi kokuba ahlaselwe.

"Umsolwa, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-30 ubudala, uhlasele umufi, obe esethatha isidumbu sikamufi wasifaka emotweni yohlobo lweFord Bantama [abezoyeba].

“Imoto yesisulu [ebihamba umsolwa] ishayise isigxobo sikagesi, umphakathi wayibona imoto, waya kobheka ukuthi kwenzakalani."

Kubikwa ukuthi umphakathi ufike watitinya umsolwa wambulala ngesikhathi uthola ukuthi uhamba nesidumbu emotweni.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...