Kuphenywa ngokubulawa kwabantu ababili eKapa

2017-10-07 09:36

Cape Town - Amaphoyisa aphenya ngokubulawa kwabantu ababili zokubulala ngemuva kokudutshulwa kubulawe amadoda amabili eDelft, eKapa.

Isigameko senzeke kuDadel Street namuhla (ngoLwesihlenu) ekuseni ngovivi.

Izisulu zineminyaka engu-26 nengu-40 ubudala.

OLUNYE UDABA:Kushaqeke abasebenzi basemtholampilo 'kudubulana amaqembu ezigebengu'

Owamaphoyisa u-Andre Traut unxusa izakhamuzi ukuba zilekelele ngemininingwane yokuhlaselwa kwalaba bobabili.

"Imbangela yokubulawa kwala bantu iyaphenywa.

"Siyethembisa ukuthi umsolwa noma abasolwa ababaleke endaweni yesigameko bazoboshwa. Imbangela yesigameko ayikaziwa."

Kwesinye isigameko, amaphoyisa aphenya ngecala lokubulawa kowesifazane oneminyaka engu-76 ubudala.

Lona wesifazane osekhulile utholakale eklinyiwe eLenasia, eningizimu yaGoli.

Isidumbu sowesifazane sitholwe ngamalungu omphakathi emzini wakhe ose-extension 13 ngoLwesine.

Okwamanje bekungakaboshwa muntu ngokufa kwakhe.

Okhulumela amaphoyisa uMolefe Mokoena unxuse noma ngabe ngubani onolwazi ukuba axhumane nabo.

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...