Kuphenywa izinsolo zokuthi oKlebe bathiphisa umfundisi waseNigeria

2017-05-05 07:04

Cape Town – Uphiko oluphenya amacala abucayi, oKlebe, luytho luzokwenza uphenyo mayelana nezinsolo ezithi kunokuxhumana okukhona phakathi komfundisi osolwa ngamacala ocansi kanye nezikhulu zalolu phiko.

Lo mfundisi, 58, onezingane ezintathu futhi oshadelwe, usolwa ngokuqoqa amantombazane asemancane, amanye awo aneminyaka engu-13 ubudala, ukuba ayohlala emzini wakhe oseMhlanga ngezinhloso zokuwagilisa imikhuba yocansi.

OKlebe bathi ngesikhathi kuqhubeka isicelo sebheyili salo mfundisi eNkantolo yeMantshi yasePort Elizabeth kuvele ukuthi lo mfundisi waba nokuxhumana nezikhulu zoKlebe.

Kuthiwa kusolakala ukuthi izikhulu yizo ezamluma indlebe wakwazi ukubalekela ingalo yomthetho isikhathi eside.

OLUNYE UDABA: Amawele ama-'Idols' avikele umfundisi osolwa ngawocansi

Lo mfundisi ubekwe amacala angu-22 okubalwa kuwo awukunukubeza ngokocansi kanye nokushushumbisa abantu.

Okhulumela oKlebe uRobert Netshiunda uthe: “Umsolwa ubenamalungu oKlebe ebandleni lakhe kanti sikholelwa ukuthi ubazi ukuthi uyafunwa yingakho izinto zahamba ngonyawo lonwabu mayelana nokuboshwa kwakhe.”

Lokhu kwenzeka nje, iphephandaba laseNigeria, iThe Guardian libike ukuthi lo mfundisi ubhalele uNgqongqoshe wezangaPhandle eNigeria uKhadija Bukar Abba Ibrahim‚ ekhalaza ngokuboshwa kwakhe nangendawo agcinwe kuyo.

Ukhala ngokuthi waboshiswa okomshokobezi kanti futhi ulala phansi ejele akukho “nesipontshi lesi” kanti indawo agcinwe kuyo inamakhaza ashubisa umnkantsha.

Uthi ojele banqaba ngesikhathi umndeni wakhe uzama ukumlethela ingubo yokulala.

Isicelo sebheyili salo mfundisi sizoqhubeka ngoLwesihlanu enkantolo.

 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...