Kuphenywa isigameko sokweqa kweziboshwa eGoli

2018-04-10 12:38

Johannesburg - UMnyango wezokuHlunyuleliswa kweziMilo uzwakalise ukukhathazeka kwawo ngokweqa kweziboshwa nodlame lwakamuva emajele aseNingizimu Afrika.

Lokhu kuza ngemuva kokuba kweqe iziboshwa ezingu-16 ejele laseGoli, Medium A.

Umnyango lokhe wabasematheni kulandela isigameko esenzeka ejele laseGoodwood, eWestern Cape lapho iziboshwa zagwazwa khona ojele ababili.

OLUNYE UDABA:Kweqe iziboshwa ezingu-6 ejele eW Cape

Amaphoyisa iSouth African Police Service aseqalile ukuthungatha iziboshwa ezeqe ejele eGoli.

Okhulumela umnyango uSingabakho Nxumalo uthe: "Ngicabanga ukuthi njengomnyango kufanele sikucacise ukuthi ukweqa kweziboshwa kuyasikhathaza.

"Sesiqalise uphenyo ngaphakathi ukuthola ukuthi ngabe ilezi kuphela yini iziboshwa ezeqile noma kukhona ezinye yini."

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...