Kuphenywa esokudutshulwa kwabantu abahlanu eKapa

2017-12-11 12:30

Cape Town - Amaphoyisa aphenya ngesigameko sokudutshulwa kwabantu abahlanu kuChoir Street, eSteenberg.

Bonke la bantu bayelashwa esibhedlela.

"NgoLwesihlanu ngezithuba zabo-12:40, amaphoyisa aseSteenberg aphuthuma esigamekweni sokudubula kuChoir Street," kusho okhuumela amaphoyisa aseSteenberg u-Andre Traut.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa ngokubulawa kwabantu ababili eKapa

"Babikelwa ngkudutshulwa kwabantu abahlanu.

"Kusolwa ukuthi iveni lohlobo lwe-Bantam ladlula emgwaqeni labe selivulela ngenhlamvu ebantwini ababesemgwaqeni lase lisuka ngesivinini esikhulu."

UTraut uthe imbangela yesigameko isaphenywa kanti akukaboshwa muntu.

Kwabadutshuliwe kubalwa nengane yomfana eneminyaka emihlanu ubudala.

Kukholakala ukuthi izisulu zazime esitolongesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenganono.

 - Cape Argus

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...