Kuphazamiseke ukufunda ezikoleni 'zamakhaladi' ngenxa kathishanhloko omnyama

2017-08-01 09:32

Johannesburg – Ukufundisa ezikoleni ezilinganiselwa kwezingu-38 ‘zamakhaladi’ eGauteng kuphazamisekile ngoMsombuluko ngesikhathi othisha bekhetha ‘ukungasebenzi’ bekhombisa ukweseka isikole iKlipspruit, kusho isikhulumi. 

“UMnyango uzocacelwa kahle ngoLwesibili ekuseni ukuthi zingaki izikole eziphazamisekile, kodwa kuqagulwa ukuthi zingu-38 eziphazamisekile,” kusho okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng uSteve Mabona etshela iNews24 ngoMsombuluko ntambama.

OLUNYE UDABA: BUKA: Uthisha egxavuna umfundi

Uthe uMnyango awuhambisani nesiteleka kanti zonke izinhlaka zisebenza ngokuzikhandla ukuxazulula ukungaboni ngasolinye.

Umbhikisho uqale eKlipspruit-West Secondary School eSoweto ngoMsombuluko owedlule ngesikhathi abazali befuna kukhishwe esikoleni uthishanhloko omnyama osanda kuqokwa.

Ngaleso sikhathi, okhulumela iPatriotic Association of South Africa (Pasa) uCharis Pretorius wathi abazali bacasulwa ukuqokwa kukathisha omnyama ngendlela engafanele.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...