Kuphazamiseke inkonzo yesikhumbuzo kaMagaqa sekuqhutshwa umkhankaso

2017-09-14 09:37

Johannesburg - Kuphazamiseke umcimbi wesikhumbuzo sikaSandiso Magaqa eSoweto ngoLwesithathu ngenxa ‘yombango’ wesikhundla sokuhola i-ANC .

Iqeqebana lamalungu e-ANC Youth League (ANCLY) liphazamise izikhulumi njengoba belicula lidansa likhombisa ukweseka abaholi abathile kwesokuhola i-ANC.

Umsindo uqale ngesikhathi kusukuma unobhala jikelele we-ANCYL uNjabulo Nzuza ezobeka awakhe amazwi okuvalelisa uMagaqa.

Abantu ebebehlezi phansi bavele baqala ingoma, bengafuni ukulalela uNzuza.

Kubizwe onogada ukuba bazozama ukulawula isimo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Abanye babantu kubikwa ukuthi bebethi ukuphatha kukaDlamini-Zuma kuzobe kufana nokuthi umndeni wakwaZuma isiphatha ihlandla lesithathu.

OLUNYE UDABA: Kushone ababili embhikishweni onodlame

UNkosazana Dlamini-Zuma uthathwa njengabanye babantu abasethubeni lokuhola inhlangano ye-ANC ngemva kwengqungquthela yokhetho ezoba ngoDisemba.

Imbangiyakhe enkulu yiPhini likaMengameli uCyril Ramaphosa.

Ilungu eluphezulu le-ANC uSizakele Nkosi Malobane lisukume layozama ukucela abantu ukuba baziphathe kahle, bahloniphe umka Magqa obekhona kule ndawo, kodwa naye bangamuzwa.

Leli qeqebana liqhubekile nomsindo ehholo laze lakhishwa ngabantu abathile ebebegqoke imifanisano efana neyamasosha.

Uhlelo luqhubekile kodwa iningi labantu belingasekho.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...