Kuphahlazeke ibhanoyi lamaphoyisa ezintabeni zoKhahlamba

2018-01-02 17:58

Johannesburg - Kuphahlazeke indiza enophephela emhlane yeSouth African Police Service (SAPS) eDrakensberg ngaseCathedral Peak ngoMsombuluko ntambama ngesikhathi lithungatha umuntu oduke khona, kusho amaphoyisa KwaZulu-Natal. 

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthi ibhanoyi belithwele abantu abane kodwa abalimalanga.

"Bathole imihuzuko kodwa futhi akekho kubona ayiswe esibhedlela,” kusho uGwala kwiNew24.

OLUNYE UDABA: Kugwazwe kwabulawa ikhansela eKZN

Amaphoyisa kanye nabeSouth African Airforce (SAFF) bajutshelwe endaweni yesigameko.

UGwala akazange achaze ukuthi ngabe umoya onamandla yini oholele ekutheni ibhanoyi liphahlazeke.

Kuyaphenywa ngembangela yengozi.

Umuntu oduke ngempelasonto kulezi zintaba ubengakatholakali.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Tstorms early. Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-24°C Sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-32°C Sunny. Hot. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...