Kunukwa ingoduso ngokunyamalala kowesilisa

2017-03-30 16:11

eMtubatuba - Umndeni wakwaGumeda endaweni yakwaMsani eMtubatuba usola ngoduso ngokunyamalala kwendodana yawo osekuphele izinyanga inyamalele ingaziwa ukuthi ikuphi.

Umndeni kaMdumiseni Emmanuale Gumede, 41, uphithene ikhanda ngokunyamalala kwakhe kanti usuxabene nengoduso yakhe uyisola ngokuba nesandla ekunyamalaleni kwakhe.

UGumede ubekade esebenza njengeSupervisor eMhlathuze Water kuthiwa ugcine ukubonakala efulethini lakhe elisedolobheni eMpangeni ngomhlaka-21 kuNhlolanja.

Kuthiwa unyamalala nje ubesefile wukhwantalala lokuba wulopholo njengoba wayeka kulo msebenzi owawumholela kahle ngenhloso yokuqala ibhizinisi lokuhweba ngedola nangerandi.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa acela ukufuniswa owesifazane odukile

Leli bhizinisi likaGumede alizange lihamba kahle kanti lokhu kumenze wacwila kakhulu ezikweletini wagcina esenyamalele engaziwa nokuthi ukuphi.

Kumanje kuthiwa ingoduso yakhe kanye nezingane zakhe ezimbili bangakhishwa noma yinini efulethini ngenxa yokungakhokhi.

Iphephandaba iLANGA likhulume nonina kaGumede uCabangile Gumede othi ukulahleka kwendodana yakhe kumenze waba nemidlinzo eminingi ngoba kwakhona ukuthi ulahlekile bakuzwe sekudlule izinsuku eziningi.

"Kuthe sibuza ingoduso yakhe ukuthi bekwenzenjani eze ehamba ekhaya engaziwa, yangasichazela kahle yagcina isithi asimfune thina ngoba siyamazi ukuthi ukuphi.

"Kusuka lapho ubesenqaba nokuba akhulume nathi ocingweni kanti konke lokhu kuyasolisa," kusho unina kaGumede.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...