Kunqwabelana izidumbu emakhazeni ngenxa yesiteleka

2018-03-13 16:01

Johannesburg – Isiteleka esiqhubekayo sabasebenzi basemakhazeni eGauteng sesimise ukuhlolwa kwezidumbu nosekuholele ekutheni abantu bangakwazi ukungcwaba, kusho i-DA ngoLwesibili.

Owe-DA okhulumela ezempilo eGauteng, uJack Bloom, uthi amakhaza aphazamiseke kakhulu yilawo aseGermiston eKurhuleni, njengoba zingu-65 izidumbu osekubambezeleke ukuba zifihlwe ngenxa yesiteleka esingekho emthethweni.

"Lokhu kuyayikhathaza kakhulu imindeni ngoba ayikwazi ukungcwaba ngesikhathi efisa ngaso ngenxa yesiteleka esingekho emthethweni,” kusho uBloom.

OLUNYE UDABA: Kusaphenywa ngokubulawa kowesilisa esetekisini eStanger

Uthi kunomunye umuntu ombhalele incwadi ekhala ngokuthi ushonelwe ngumshana wakhe ngoLwesine olwedlule kodwa namanje akakwazi ukuyolanda isidumbu ukuze benze isitifiketi sokufa bese bethola nendawo abazongcwaba kuyona ngenxa yokuthi kusalindwe imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.

Amakhulu abasebenzi abasebenza ngokuhlinza izidumbu esifundazweni bangenele isiteleka esingekho emthethweni ngeledlule.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...