Kungumqondo ongaphusile ukuxosha uTinkler - Inkakha

2016-06-03 17:06

Johannesburg – Inkakha yeBafana Bafana ne-Orlando Pirates, uJerry Sikhosana, uthi kuyoba yiphutha ukufaka amasondo umqeqeshi wamaBhakabhaka, u-Eric Tinkler.

Lokhu kulandela ukuqonga kwamahlebezi athi lo mqeqeshi akusensuku zatshwala kumenyezelwe ukuthi useyashiya.

USikhosana uthi akungasolwa uTinkler kuphela ngokuhluleka kweqembu ukunqoba izinkomishi kule sizini ephelile.

OLUNYE UDABA: Iqembu lisaqhubeka nokwakhiwa - Tinkler

“Akungasolwa uTinkler ngazo zonke izinkinga zePirates. Uma wayibuka yonke imidlalo yePirates ngesizini eyedlule, kucacela noma ubani ukuthi badlala kahle – inkinga kwaba ukukhathala.

“Okunye okwanezezela ukulimala kwabadlali abamqoka abafana no-Oupa Manyisa noHappy Jele,” esho.

Uthi ukusola umqeqeshi ngalokhu kuyinto engalungile, wathi uyamethemba uTinkler ekutheni angakwazi ukwenza kahle ngesizini ezayo.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...