Kungenzeka ukuba ubulawe ukugula 'uSdumo', nakuba ebandakanyeke engozini

2017-03-19 13:28

Johannesburg – Umlingisi uJoe Mafela otholakele eshonile emotweni ngemuva kwengozi, kungenzeka ukuba ubulawe ukugula okuthile, kusho amaphoyia kamasipala ngeSonto.

"Azikho izibazi zokulimala ebezibonakala emzimebni wakhe…kubukela engathi ubenokugula okuthile,” kusho okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli u-Edna Mamonyane.

Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-21:45 ngoMgqibelo ku-M1 North phakathi komgwaqo ongenela e-Oxford Road naseHoughton lapho kwakhiwa khona.

OLUNYE UDABA: Uzilengise ngedilozi umqwayizi

"Ngesikhathi abosizo lokuqala befika endaweni yesigameko, uMafela ubesehonile."

Uthe uphenyo luyaqhubeka. Kuzohlolwa isidumbu ukuthola ukuthi ngempela yini ebulale uMafela.

UMafela wazalwa ngo-1942 eLimpopo.

Waduma ngama-1980s, ikakhulukazi ngomdlalo ayelingisa kuwo indawo kaSdumo, kwi-Sgudi, ‘Snaysi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...