Kungahle kushaye u-Agasti engasekho amanzi eKapa

2017-05-25 14:01

Cape Town - UMasipala wedolobha laseKapa uthi unamanzi anele izinyanga ezintathu ezizayo nje vo njengoba babhekene nesomiso eWestern Cape.

Kungaba wusizo kakhulu uma kunganetha imvula kula masonto ambalwa azayo njengoba kwaziwa ukuthi livame ukunetha kakhulu kule ndawo ngenyanga kaJuni noJulayi.

Ephendula imibuzo yeNews24, uXanthea Limberg oyilungu lekomidi elibhekelele ezamanzi kulo masipala, uthe baphoxeke kakhulu ngokuyingatholi imvula eyanele ngo-Ephreli nangoMeyi.

"Ngengoba isimo sisibi kangaka kubaluleke kakhulu ukuthi songe amanzi," kusho yena.

OLUNYE UDABA:IWestern Cape isiphenduke indawo yenhlekelele ngenxa yesomiso

NgoMsombuluko, uNdunankulu waseWestern Cape uHelen Zille umemezele lesi sifundazwe njengebhekene nezinkinga njengoba amanzi akhona esemancane kakhulu.

Uthe lesi simemezelo senziwe ukuze luzoshesha uhlelo lokutholakala kwezinsiza zokulwa nale nkinga isifundazwe ebhekene nayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...