Kunconywe umshayeli wetekisi kuhlengwa ingane 'ekuthunjweni'

2017-10-01 17:47

Cape Town – Umshayeli wetekisi ngeSonto unconywe kakhulu ngokuletha emaphoyiseni ingane yomfana ebilahlekile e-Eastern Cape kanye nalowo okusolwa ukuthi ubeyithumbile, ngemuva kwamahora angu-24 kubikwe ngokunyamalala kwayo.

UChuma Yumata, 3, ubedlala phambi komuzi wakubo, eMotherwell ngoMgqibelo ngesikhathi ebonakala ehamba nelungu lomndeni, kusho uCaptain Andre Beetge.

Owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala kuthiwa ubembambe ngengalo behamba ngomgwaqo ngabo-13:00.

Amaphoyisa asebenzise nendiza enophephela emhlane ukufuna uYumata ubegqoke i-tracksuit kanye nophaqa abamnyama.

OLUNYE UDABA: Abashayeli bashe bangqongqa kungubuzana izimoto zabo

“Size sasizakala ngemuva kokuxoxisana nabashayeli bamatekisi,” kusho uBeetge.

“Ngabo-12:00 [ngoMgqibelo], umsolwa kanye nomfana obelahlekile balethwe esiteshini samaphoyisa e-Uitenhage  ngumshayeli wetekisi ongazange afune ukudalulwa igama lakhe. Umsolwa uboshiwe kanti umfana usehlanganiswe noyise kanye nomndeni wakhe.”

Kulindeleke avele enkantolo maduzane, uma esethwesiwe icala.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 18-27°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Numerous showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...