Kunconywe amaphoyisa ngokuboshwa kosolwa ngawokubulala eGlebelands

2017-12-29 07:59

Durban - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ushayele ihlombe amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngokuboshwa kwaloyo osolwa ngamacala okubulala ehostela iGlebelands eMlazi, eningizimu yeTheku.

UMondli Mthethwa uvelile enkantolo yemantshi yaseMlazi ngoLwesithathu kulandela ukuboshwa kwakhe ngoKhisimusi ebusuku.

OLUNYE UDABA:Usenkantolo osolwa ngamacala okubulala eGlebelands

UMthethwa uqgunywe esitokisini kanti uzphinde avele enkantolo ngomhlaka-3 Januwari 2018.

Le ndoda iphinde isolwe ngokubandakanyeka kwamanye amacala amabili okubulala kuleli hostela kanjalo namaye namacala okubulala endaweni yaseBhekithemba.

Kwelinye la macala, kwadutshulwa kwabulawa uTholakele Ngcangcatha, 30, ehostela ngomhlaka-3 Agasti 2017.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...