Kunconywa ukuziphatha kahle kwabe-EFF

2016-03-08 13:31

South Africa –Ukuzithiba yikona okusebenzela abe-Economic Freedom Fighters (EFF) ngesikhathi kubhaliselwa ukuvota ngempelasonto, kubika iSowetanlive.

Ayikho imibiko eziveziwe yokungaziphathi kahle kumalungu aleli qembu kule mpelasonto.

Oqokelwe ukuba usomlomo waleli qembu njengoba kulungiselelwa ukhetho likahulumeni wasekhaya uVeronica Mente uthe kumele kubongwe amalunga aleli qembu asebenza ngezokhetho,  “ngokungavumeli ukusatshiswa kuba nqande ekwenzeni umsebenzi walo mbutho”.

OLUNYE UDABA: Intsha emnyama ayiwethembi amaqembu ezombusazwe

“Akulula ngaso sonke isikhathi ukuzibamba uma uchukuluzwa,”kusho yena futh uqhubeke wathi  “Abantu baseNingizimu Afrika bayakujabulela ukuziphathi kahle kwamalunga eqembu lethu yize izitha zibachukuluza zibahlokoloza”.

UMente uthe, “baningi abantu abajoyine leli qembu njengamalunga amasha kanti kwamanye amagatsha inani labantu abajoyinile liphindaphindwe kabili noma kathathu”.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-28°C Sunny. Warm. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...