Kunconywa ezokuphepha nokuziphatha kwabantu emcimbini obuseBergville

2017-11-28 18:01

eThekwini - Ube yimpumelelo umcimbi wezinsuku ezintathu obubanjelwe edolobheni laseBergville ngempelasonto.

Lo mcimbi owaziwa ngeDrankensberg Extravaganza waqala ngoLwesihlanu ntambama ngesifundo ngempilo kaJosiah Gumede owayenguMengameli wesine we-ANC.

Ngokusho kweMeya uMlungisi Ndlangisa bakhethe ukuhlonipha uGumede ngamagalelo akhe kulo mbutho.

"Ngesikhathi kuhlelwa lo mcimbi sibone kubalulekile ukuthi sihloniphe ubaba uGumede. Yize edabuka e-Eastern Cape kodwa wafike wazinza lapha eBergville ngakho-ke sibone kukuhle ukuba siqhakambise imisebenzi yakhe emihle kule ndawo nakulo mbutho okumenze wathuthuka waze wafika esigabeni sokuba wuMengameli," kusho uNdlangisa.

NgoMgqibelo, kuqale umjaho ka-23km lapho kuwine khona uSilindile Gubese, kanye noZinhle Tshabalala odle umhlanganiso kwabesifazane.

NgoMgqibelo ntambama, abathandi bobumnandi bahlanganyele ndawonye eBergville Bowling Club lapho bekubanjelwe khona umcimbi kumenywe nosaziwayo abahlukahlukene.

Beziqine kakhulu ezokuphepha kulo mcimbi njengoba bekunamaphoyisa abeqaphe isimo ngaphandle kwamasango, kukhona abegade izimoto, abanye beqaphe ngaphakathi lapho bekunandiswa khona kanti namaphoyisa omgwaqo abekhona njengoba bekuyiwo abelawula ukungena nokuphuma kwezimoto.

OLUNYE UDABA:Abantu baseBergville badele amakhaza beseka abasubathi

Kube kuhle kakhulu ukubona kuqiniswe ezokuphepha ngale ndlela, kodwa okunye okuncomekayo kube wukuziphatha kwabathandi bobumnandi.

Kulo mcimbi, abathandi bobumnandi bebevumelekile ukuphatha izitulo kanye neziphuzo zabo abazithandayo, esimweni esifana nalesi, kuyaye kunakeke ukuthi abantu bayahluleka ukuzilawula uma sebephuze amponjwana, kodwa izakhamuzi zaseBergville kanye nabo bonke abebehambele lo mcimbi bebezimisele ngento eyodwa; ukuzithokozisa nabangani nezihlobo nokubona abaculi ababathandayo.

Kuze kwasa emnyango abaculi belokhu beshiyelana inkundla.

Lo mcimbi uqale ntambama ngoMgqibelo kodwa abaculi abafana noSjava, obeqala ukuzonandisa edolobheni langakubo, kanye no-Amanda Black noBabes Wodumo, bacule ekuseni ngezithba zabo-08:00 ngeSonto.

UDJ Fresh okunguyena ohlukanise uMgqibelo neSonto ubededela igqomu kuphela kuze kwakhala abantu bethi bebecabanga ukuthi uzobashayela umculo wohlobo lwe-rave nokungumculo othandwa kakhulu ngondlebezikhanyilanga, kodwa wabavala umlomo wabadansisa kwaze kwalamula uDJ Mngadi woKhozi FM.

Abanye abaculi abebekhona kubalwa no-Unathi, Thee Legacy, DJ Vumar, Monique Bingham, Ralf Gum, Zulu Boy naye ongowaseBergville, kanti uhlelo beluphethwe ngu-Irvin Sihlophe, uNjinji, uSomizi, uSgqemeza kanye noKhanyi Mbau ngokubambisana.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...