Kumuke ingane ezikhukhuleni eMlazi

2017-10-10 19:31

Johannesburg – Abezimo eziphuthumayo eThekwini sebeqinisekisile ukuthi kumuke ingane enkulisa eMlazi ngesikhathi igugulwa yizikhukhula KwaZulu-Natal.

Kukholakala ukuthi le nkulisa ingenwe namanzi ngenxa yesiphepho esihlasele eThekwini namaphethelo ngoLwesibili.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ER24 u-Ineke van Huyssteen uthe ukuthungathwa kwale ngane kuhlehliselwe ikusasa.

“Kuthiwa kungene amanzi kule nkulisa, izakhamuzi zazama ukusiza ezinye izingane kwathi ezintathu zayiswa endaweni ephephile. Kukholakala ukuthi ingane yesine imuke nomfula.”

Lokhu kubeka kwabane isibalo sabantu abashone ezimvuleni ezinkulu ebeziyithela ngoLwesibili.

Phakathi kwabashonile kubalwa ingane yentombazane eneminyaka engu-8 ubudala kanye nephoyisa elipitshizwe yisiqukathi esiwele emotweni ngasemtateni eThekwini.

Omunye umuntu wesine akucaci ukuthi ushone kanjani.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...