Kumiswe uthisha ngezinsolo zokunukubeza abafundi abangu-9 ngocansi

2017-09-08 18:01

Pretoria - UMnyango wezeMfundo eGauteng uthi uphenya isikole esisePitoli ngemuva kwezinsolo ezibhekene nothisha zokunukubeza abafundi abangu-9 ngocansi.

Isikhulumi, u-Oupa Bodibe, uthe ngoLwesihlanu uthisha "owatawote" abafundi imiphambili yabo esikoleni ngesonto eledlule.

"Iziphathimandla zoMnyango sezisihambele lesi sikole kanti zizoqhuba uphenyo oluzophothulwa maduze," kusho uBodibe.

OLUNYE UDABA:Udado usolwa 'ngokunukubeza ngokocansi' omunye enkulisa

UBodibe uthe lo thisha unikezwe incwadi yokumiswa emsebenzini ngoLwesihlanu.

Uthe ukumiswa kwalo thisha kuchaza ukuthi angeke alubhade emsebenzini ngomhlaka-11 Septhemba, kanti abafundi bezokwazi ukuya esikoleni ngaphandle kokwesaba.

UNgqongqoshe wezeMfundo uPanyaza Lesufi uthe kuyadumaza lokhu njengoba kuwumsebenzi wothisha ukuba babeyisibonelo.

"Izingane zethu akufanele zisabe ukuya esikoleni ngoba zisaba ukunukubezwa ngothisha ngokocansi. Izigameko ezifana nalezi zibuhlungu futhi azamukelekile ezikoleni zethu."

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...