Kumiswe ukuhamba kwezitimela ngenxa yokwebiwa kwamakhebuli

2017-12-11 19:16

Cape Town - Okhulumela iMetrorail, uRiana Scott, uthi ukwebiwa kwezintambo zikagesi, ukulinyazwa kwezitimela nengqalasizinda kubaphoqelele ekuthatheni isinqumo sokumisa ukuhamba kwezitimela.

IMetrorail imise ukusebenza kwezitimela, phakathi kwaseChris Hani, Kapteinsklip naseBishop Lavis eKapa.

IMetrorail ithi iziteshi zezitimela kulezi zindawo zizovalwa futhi awekho amathikithi azodayiswa kuze kuphume isaziso.

OLUNYE UDABA: Ugwetshwe kanzima owagwaza wabulala ingane

Abagibeli belulekwa ngokuba basebenzise ezinye izinto zokuthutha.

“Abagibeli bethu kulezi zindawo bayazi ukuthi sekuphele izinyanga izitimela zingahambi ngendlela ejwayelekile nokuyinto edalwa ukucekelwa phansi kwengqalasizinda.

Uthe iziphathimandla azikaphumeleli emizameni yazo yokubamba izigibengu, ngakho sebebone kungcono bakumise ukusebenza kwezitimela ngoba akukho okunye abangakwenza.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-30°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-26°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-27°C Rain early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-31°C Isolated tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 19-25°C Passing showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...